|
Selokhu aqala ukukhiqizwa ngonyaka ka 1984, lomkhiqizo obiza kancane usudayiswe ngaphezu
kwezinkulungwane ezingamashumi amabili-200 000 eNingizimu Afrikha. Levalvu yakhiwe kanjena:
- Yincane (iwusayizi 165 ngo 65 ngo 130mm uma ivuliwe)
- Impilo yayo (izinga lokushisa lingaphezu kuka-60 (+60) libuye
lehle lifike ngaphansi kuka-7, imisebe yelanga, iyavikela ekugugulekeni
kanti futhi iyakwazi ukumelana nobumuncu okungadla levalvu)
- Ilula (eyodwa yezingxenye ezihambayo yileyo emfushane entantayo)
- Iyakwazi ukumelana nazo zonke izimo (Inemibala emithathu ebonisa uma
izinga lokucindezelwa liphezulu, liphansi noma lingaphansi ngokweqile)
- Inobungane (kulula ukuyifaka kanti inakekelwa ngemali encane)
- Ivumelana nesimo kalula (amavalvu amaningi angafakwa kwiT noma kuH kuye
ngokwakhiwa kwawo)
Isetshenziselwani –
izinkomo, amahhashi, izimvu, lapho kuphuza khona izinja, ezinqolobaneni nakumathangi
amakhulu, amakhondishina omoya, nalapho kugcinwa khona amanzi afudumele, amachibi ama-koi,
izithombe ezibaziweyo zamanzi, imithombo, indawo yokugcina amanzi endlini
yangasese eceleni, ukunisela ngenkasa, amadamu okubhukuda, kodokotela bezilwane,
ezindaweni ezidayisa imithi, njalonjalo.
Impilo yevalvu – Ivalvu ingasetshenziswa iminyaka eyishumi
ukuya eminyakeni engamashumi amabili uma ixhunye ngendlela nangokwemiyalelo yakhona
ebhaliwe kanti futhi ingahlala leminyaka esibaliwe uma ivikelekile ezinyaweni zezilwane.
Isiqinisekiso/Igaranti - Iminyaka eyishumi. Uma inephutha ungayibuyisela
futhi uyishintshe efekhtri noma ngokubona kwethu. Eminyakeni eyishumi nanhlanu
sesishintshe izivalo eziyishumi nane, lokhu okuntantayo okubili kanye nezivalo
ezazonakele ezintathu! Ziyatholakala kodwa kungcono uma ushintsha konke.
Ivalvu eyonakele ayingabe isasetshenziswa, iyalahlwa.
Iyahambisana nokunye kalula – Ivalvu ye-Aqua Brooks ihambisana kahle
nomgomo waseJASWIC. Wonke amavalvu e-Aqua Brooks ahambisana nezinga eliphezulu neliphansi
uma ehlolwa ngabakwaSABS 752/200). Amavalvu ayahlolwa kaningana ukuthi angamelana
nesisindo sejubane esingakanani kanye noma ijikeleziswa ihlolwa.
Konke lokhu okuntantayo kuhlolwa emanzini ngaphambi kokuba kufakwe entweni.
|